1
1 AmaKhosi 17:14
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Imbiza yempuphu ayikuphela, nophiso lwamafutha aluyikuswela kuze kufike lolo suku uJehova anisa ngalo imvula emhlabeni.’ ”
Compare
Explore 1 AmaKhosi 17:14
2
1 AmaKhosi 17:1
U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”
Explore 1 AmaKhosi 17:1
3
1 AmaKhosi 17:13
Wayesethi u-Eliya kuye: “Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho, kepha ngenzele mina kuqala iqebelengwane elincane ngakho, ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho.
Explore 1 AmaKhosi 17:13
4
1 AmaKhosi 17:12
Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”
Explore 1 AmaKhosi 17:12
5
1 AmaKhosi 17:9
“Suka uye eSarefati elingeleSidoni, uhlale khona; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.”
Explore 1 AmaKhosi 17:9
6
1 AmaKhosi 17:16
Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova alikhulumile ngesandla sika-Eliya.
Explore 1 AmaKhosi 17:16
7
1 AmaKhosi 17:15
Wayesehamba, wenza njengokusho kuka-Eliya: kwadla yena, no-Eliya, nendlu yakhe izinsuku eziningi.
Explore 1 AmaKhosi 17:15
8
1 AmaKhosi 17:10
Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona; wambiza wathi: “Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze.”
Explore 1 AmaKhosi 17:10
9
1 AmaKhosi 17:4
Kuyakuthi uphuze emfudlaneni; ngiyalile amagwababa ukuba akondle khona.”
Explore 1 AmaKhosi 17:4
10
1 AmaKhosi 17:11
Esasuka ukuwalanda, wambiza wathi: “Ake ungilethele nocezu lwesinkwa esandleni sakho.”
Explore 1 AmaKhosi 17:11
11
1 AmaKhosi 17:6
Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.
Explore 1 AmaKhosi 17:6
12
1 AmaKhosi 17:7
Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni.
Explore 1 AmaKhosi 17:7
13
1 AmaKhosi 17:24
Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaJehova elisemlonyeni wakho liyiqiniso.”
Explore 1 AmaKhosi 17:24
14
1 AmaKhosi 17:5
Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
Explore 1 AmaKhosi 17:5
15
1 AmaKhosi 17:22
UJehova walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila.
Explore 1 AmaKhosi 17:22
Home
Bible
Plans
Videos