1
1 uSamuweli 17:45
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.
Compare
Explore 1 uSamuweli 17:45
2
1 uSamuweli 17:47
yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”
Explore 1 uSamuweli 17:47
3
1 uSamuweli 17:37
UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.”
Explore 1 uSamuweli 17:37
4
1 uSamuweli 17:46
Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli
Explore 1 uSamuweli 17:46
5
1 uSamuweli 17:40
Wathatha induku yakhe ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso, eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.
Explore 1 uSamuweli 17:40
6
1 uSamuweli 17:32
UDavide wayesethi kuSawule: “Makungaqedwa nhliziyo yamuntu ngalowo; inceku yakho iyakuhamba ilwe nalowo mFilisti.”
Explore 1 uSamuweli 17:32
Home
Bible
Plans
Videos