1
2 kwabaseKorinte 4:18
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.
Compare
Explore 2 kwabaseKorinte 4:18
2
2 kwabaseKorinte 4:16-17
Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade
Explore 2 kwabaseKorinte 4:16-17
3
2 kwabaseKorinte 4:8-9
Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali; siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa
Explore 2 kwabaseKorinte 4:8-9
4
2 kwabaseKorinte 4:7
Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi.
Explore 2 kwabaseKorinte 4:7
5
2 kwabaseKorinte 4:4
okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
Explore 2 kwabaseKorinte 4:4
6
2 kwabaseKorinte 4:6
Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.
Explore 2 kwabaseKorinte 4:6
Home
Bible
Plans
Videos