Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo. Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane.