1
NgokukaJohane 14:27
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.
Compare
Explore NgokukaJohane 14:27
2
NgokukaJohane 14:6
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Explore NgokukaJohane 14:6
3
NgokukaJohane 14:1
“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.
Explore NgokukaJohane 14:1
4
NgokukaJohane 14:26
Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
Explore NgokukaJohane 14:26
5
NgokukaJohane 14:21
Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”
Explore NgokukaJohane 14:21
6
NgokukaJohane 14:16-17
Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini.
Explore NgokukaJohane 14:16-17
7
NgokukaJohane 14:13-14
Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza.
Explore NgokukaJohane 14:13-14
8
NgokukaJohane 14:15
“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.
Explore NgokukaJohane 14:15
9
NgokukaJohane 14:2
Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.
Explore NgokukaJohane 14:2
10
NgokukaJohane 14:3
Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.
Explore NgokukaJohane 14:3
11
NgokukaJohane 14:5
UTomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona; siyazi kanjani indlela na?”
Explore NgokukaJohane 14:5
Home
Bible
Plans
Videos