1
NgokukaMarku 9:23
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”
Compare
Explore NgokukaMarku 9:23
2
NgokukaMarku 9:24
Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”
Explore NgokukaMarku 9:24
3
NgokukaMarku 9:28-29
Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?” Wayesethi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.”
Explore NgokukaMarku 9:28-29
4
NgokukaMarku 9:50
“Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”
Explore NgokukaMarku 9:50
5
NgokukaMarku 9:37
“Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.”
Explore NgokukaMarku 9:37
6
NgokukaMarku 9:41
Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.
Explore NgokukaMarku 9:41
7
NgokukaMarku 9:42
Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle.
Explore NgokukaMarku 9:42
8
NgokukaMarku 9:47
Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili
Explore NgokukaMarku 9:47
Home
Bible
Plans
Videos