1
1 KaJohane 4:18
IsiZulu 2020
Akukho ukwesaba othandweni. Uthando olupheleleyo luyakuxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso nowesabayo akaphelele othandweni.
Compare
Explore 1 KaJohane 4:18
2
1 KaJohane 4:4
Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.
Explore 1 KaJohane 4:4
3
1 KaJohane 4:19
Thina siyathanda, ngokuba nguYena owasithanda kuqala.
Explore 1 KaJohane 4:19
4
1 KaJohane 4:7
Bathandekayo, kumele sithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; bonke abanothando bazelwe nguNkulunkulu, futhi bayamazi uNkulunkulu.
Explore 1 KaJohane 4:7
5
1 KaJohane 4:8
Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
Explore 1 KaJohane 4:8
6
1 KaJohane 4:10
Uthando lukulokhu: akusikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa Yena wasithanda thina, wathumela iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.
Explore 1 KaJohane 4:10
7
1 KaJohane 4:11
Bathandekayo, uma uNkulunkulu asithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.
Explore 1 KaJohane 4:11
8
1 KaJohane 4:9
Uthando lukaNkulunkulu walubonakalisa kithi ngokuthi athumele ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba siphile ngayo.
Explore 1 KaJohane 4:9
9
1 KaJohane 4:20
Kepha uma umuntu, ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kodwa ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga. Ngokuba lowo ongamthandi umzalwane wakhe ambonayo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
Explore 1 KaJohane 4:20
10
1 KaJohane 4:15
Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
Explore 1 KaJohane 4:15
11
1 KaJohane 4:21
Yebo, wasinika lo myalo, uvela kuNkulunkulu, masiwugcine. Lo myalo uthi othanda uNkulunkulu, makamthande nomzalwane wakhe.
Explore 1 KaJohane 4:21
12
1 KaJohane 4:1-2
Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni. UMoya kaNkulunkulu niyakumazi ngalokhu: bonke omoya abakuvumayo ukuthi uJesu Khristu uzelwe waba ngumuntu bangabakaNkulunkulu.
Explore 1 KaJohane 4:1-2
13
1 KaJohane 4:3
Lowo moya ongamvumi uJesu Khristu, akasiye okaNkulunkulu; lowo moya-ke ungokamphikukhristu, lo enitshelwe ngaye ukuthi uyeza, manje-ke usefikile ezweni.
Explore 1 KaJohane 4:3
Home
Bible
Plans
Videos