1
1 KuThimothewu 6:12
IsiZulu 2020
Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
Compare
Explore 1 KuThimothewu 6:12
2
1 KuThimothewu 6:10
ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
Explore 1 KuThimothewu 6:10
3
1 KuThimothewu 6:6
Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu
Explore 1 KuThimothewu 6:6
4
1 KuThimothewu 6:7
ngokuba asilethanga lutho emhlabeni, kusobala futhi ukuthi asiyukumuka nalutho.
Explore 1 KuThimothewu 6:7
5
1 KuThimothewu 6:17
Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.
Explore 1 KuThimothewu 6:17
6
1 KuThimothewu 6:9
Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni
Explore 1 KuThimothewu 6:9
7
1 KuThimothewu 6:18-19
Bayale ukuba benze okuhle, bacebe ngokwenza imisebenzi emihle, baphane, futhi babelane. Ngalokho bazibekela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze bazuze ukuphila okuyikho.
Explore 1 KuThimothewu 6:18-19
Home
Bible
Plans
Videos