Ngokuba uma ngifuna ukuzigabisa, bengingezukuba yisiwula, ngokuba bengizobe ngikhuluma iqiniso. Kepha ngiyayeka, funa umuntu acabange ngami ngokungaphezu kwalokho angibona ngiyikhona nakuzwa ngami, ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu.