Esehlalile nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili noma ezilishumi, wehlela eKhesariya. Ngakusasa wahlala esihlalweni sokwehlulela, wayaleza ukuba uPawula alethwe kuye. Esefikile, abaJuda ababehle bevela eJerusalema bema bemngungile, bambeka uxhaxha lwamacala anzima abangenabufakazi bawo.