1
UMshumayeli 3:1
IsiZulu 2020
Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi komthunzi welanga.
Compare
Explore UMshumayeli 3:1
2
UMshumayeli 3:2-3
Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa; isikhathi sokutshala, nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo; isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa; isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha
Explore UMshumayeli 3:2-3
3
UMshumayeli 3:4-5
isikhathi sokukhala, nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila, nesikhathi sokusina; isikhathi sokusakaza amatshe, nesikhathi sokuwaqoqa; isikhathi sokugona, nesikhathi sokuchiliza
Explore UMshumayeli 3:4-5
4
UMshumayeli 3:7-8
isikhathi sokudabula, nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula, nesikhathi sokukhuluma; isikhathi sokuthanda, nesikhathi sokuzonda; isikhathi sokulwa, nesikhathi sokuthula.
Explore UMshumayeli 3:7-8
5
UMshumayeli 3:6
isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza
Explore UMshumayeli 3:6
6
UMshumayeli 3:14
Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.
Explore UMshumayeli 3:14
7
UMshumayeli 3:17
Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uzobehlulela abaqotho nezikhohlakali, ngokuba yonke indaba nomsebenzi kubekelwe isikhathi sakho.”
Explore UMshumayeli 3:17
Home
Bible
Plans
Videos