Ngubani olinganise amanzi
ngentende yesandla sakhe,
walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo,
wahlanganisa uthuli esilinganisweni,
walinganisa izintaba ngesikalo
namagquma ngezisindo, na?
Ngubani oqondise uMoya kaSimakade,
wamfundisa, waba ngumeluleki wakhe na?
Welulekana nobani waze wamnika ukuqonda,
wamfundisa indlela yobulungiswa,
wamnika indlela yokwazi,
wamazisa indlela yokuqonda na?