1
EkaJakobe 3:17
IsiZulu 2020
Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa.
Compare
Explore EkaJakobe 3:17
2
EkaJakobe 3:13
Ngubani ohlakaniphileyo noqondayo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle ukuthi imisebenzi yakhe yenziwe ngobumnene bokuhlakanipha.
Explore EkaJakobe 3:13
3
EkaJakobe 3:18
Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula yilabo abenza ukuthula.
Explore EkaJakobe 3:18
4
EkaJakobe 3:16
ngokuba lapho kukhona umhawu nobugovu, kukhona inxushunxushu nezenzo zonke ezimbi.
Explore EkaJakobe 3:16
5
EkaJakobe 3:9-10
Ngolimi sibonga iNkosi uBaba, nangalo futhi siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Emlonyeni owodwa kuphuma izibusiso neziqalekiso. Bazalwane bami, akufanele ukuba lokho kube kanjalo.
Explore EkaJakobe 3:9-10
6
EkaJakobe 3:6
Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo.
Explore EkaJakobe 3:6
7
EkaJakobe 3:8
Kepha akukho muntu kubantu onamandla okuluthambisa ulimi; lungububi obungalawuleki, lugcwele isihlungu esibulalayo.
Explore EkaJakobe 3:8
8
EkaJakobe 3:1
Bazalwane bami, iningi lenu malingabi ngabafundisi, ngokuba niyazi ukuthi siyakwemukeliswa ukwehlulelwa okunzima.
Explore EkaJakobe 3:1
Home
Bible
Plans
Videos