1
NgokukaMathewu 24:12-13
IsiZulu 2020
Luyakuphola uthando ngenxa yokwanda kobubi. Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni, nguyena oyakusindiswa.
Compare
Explore NgokukaMathewu 24:12-13
2
NgokukaMathewu 24:14
Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike umhla wokuphela.
Explore NgokukaMathewu 24:14
3
NgokukaMathewu 24:6
Niyakuzwa ngezimpi, namahemuhemu ezimpi. Nina ningethuki, ngokuba kumele ukuba lokhu kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki.
Explore NgokukaMathewu 24:6
4
NgokukaMathewu 24:7-8
Isizwe siyakuvukela esinye, nombuso uvukele omunye; kuyakuba khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Kepha konke lokho kungukuqala nje kwemihelo.
Explore NgokukaMathewu 24:7-8
5
NgokukaMathewu 24:35
Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.
Explore NgokukaMathewu 24:35
6
NgokukaMathewu 24:5
Ngokuba kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKhristu,’ badukise abaningi.
Explore NgokukaMathewu 24:5
7
NgokukaMathewu 24:9-11
“Ngaleso sikhathi bayakunikhaphela osizini, banibulale, nizondwe yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, futhi bazondane. Kuyakuvela abaphrofethi mbumbulu abaningi, badukise izindimbane zabantu.
Explore NgokukaMathewu 24:9-11
8
NgokukaMathewu 24:4
UJesu waphendula, wathi kubo: “Qaphelani ningadukiswa muntu.
Explore NgokukaMathewu 24:4
9
NgokukaMathewu 24:44
Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ningazelele.
Explore NgokukaMathewu 24:44
10
NgokukaMathewu 24:42
“Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.
Explore NgokukaMathewu 24:42
11
NgokukaMathewu 24:36
“Kepha mayelana nalolo lusuku nalelo hora, akekho owazi utho ngalo, ngisho izingelosi zasezulweni, neNdodana uqobo; nguBaba kuphela.
Explore NgokukaMathewu 24:36
12
NgokukaMathewu 24:24
Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo.
Explore NgokukaMathewu 24:24
13
NgokukaMathewu 24:37-39
Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa; kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini. Abazanga; kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.
Explore NgokukaMathewu 24:37-39
Home
Bible
Plans
Videos