1
NgokukaMakhu 8:35
IsiZulu 2020
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kodwa olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli, uyakukusindisa.
Compare
Explore NgokukaMakhu 8:35
2
NgokukaMakhu 8:36
Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe na?
Explore NgokukaMakhu 8:36
3
NgokukaMakhu 8:34
UJesu wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athathe isiphambano sakhe, angilandele.
Explore NgokukaMakhu 8:34
4
NgokukaMakhu 8:37-38
Yini umuntu anganikela ngayo ukuze ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na? Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”
Explore NgokukaMakhu 8:37-38
5
NgokukaMakhu 8:29
Wayesebabuza ethi: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPhethro waphendula, wathi kuye: “Wena unguKhristu.”
Explore NgokukaMakhu 8:29
Home
Bible
Plans
Videos