1
KwabaseFiliphi 1:6
IsiZulu 2020
Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu.
Compare
Explore KwabaseFiliphi 1:6
2
KwabaseFiliphi 1:9-10
Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke, ukuba nikwazi ukukhetha okusemqoka, ukuze nibe mhlophe, futhi ningabi nasici osukwini lukaKhristu
Explore KwabaseFiliphi 1:9-10
3
KwabaseFiliphi 1:21
Ngokuba kimina ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo.
Explore KwabaseFiliphi 1:21
4
KwabaseFiliphi 1:3
Ngiyambonga uNkulunkulu wami ngezikhathi zonke enginikhumbula ngazo.
Explore KwabaseFiliphi 1:3
5
KwabaseFiliphi 1:27
Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.
Explore KwabaseFiliphi 1:27
6
KwabaseFiliphi 1:20
Ngiyalangazelela, futhi ngethemba ukuthi akukho lutho oluzongijabhisa, kodwa ngizokuba nesibindi esanele ukuze njengokuba kuhlala kwenzeka, uKhristu enziwe mkhulu emzimbeni wami, noma kungokuphila noma kungokufa.
Explore KwabaseFiliphi 1:20
7
KwabaseFiliphi 1:29
Ngokuba nina nabelwe ngenxa kaKhristu, hhayi nje ukuba nikholwe kuye, kodwa nokuba nihlupheke ngenxa yakhe
Explore KwabaseFiliphi 1:29
Home
Bible
Plans
Videos