1
IZaga 16:3
IsiZulu 2020
Gingqela imisebenzi yakho kuSimakade, ukuze amasu akho aphumelele.
Compare
Explore IZaga 16:3
2
IZaga 16:9
Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kodwa uSimakade uyaziqondisa izinyathelo.
Explore IZaga 16:9
3
IZaga 16:24
Amazwi amnene anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, angukuphila emathanjeni.
Explore IZaga 16:24
4
IZaga 16:1
Amasu enhliziyo angawomuntu, kepha impendulo yolimi ivela kuSimakade.
Explore IZaga 16:1
5
IZaga 16:32
Owephuza ukuthukuthela ungcono kuneqhawe, nobusa umoya wakhe, kunonqoba umuzi.
Explore IZaga 16:32
6
IZaga 16:18
Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.
Explore IZaga 16:18
7
IZaga 16:2
Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhloso.
Explore IZaga 16:2
8
IZaga 16:20
Oqaphela akukhulumayo ufumana okuhle, ubusisiwe owethembela kuSimakade.
Explore IZaga 16:20
9
IZaga 16:8
Okuncane okuhle kanye nokulunga, kungcono kunenzuzo enkulu etholakala ngokungalungi.
Explore IZaga 16:8
10
IZaga 16:25
Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.
Explore IZaga 16:25
11
IZaga 16:28
Umuntu owonakeleyo udala ingxabano, nexoki lehlukanisa abangani.
Explore IZaga 16:28
Home
Bible
Plans
Videos