1
KwabaseRoma 12:2
IsiZulu 2020
Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.
Compare
Explore KwabaseRoma 12:2
2
KwabaseRoma 12:1
Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.
Explore KwabaseRoma 12:1
3
KwabaseRoma 12:12
ethembeni nithokoze, osizini nibekezele, nasekukhulekeni ningaphezi
Explore KwabaseRoma 12:12
4
KwabaseRoma 12:21
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.
Explore KwabaseRoma 12:21
5
KwabaseRoma 12:10
Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni
Explore KwabaseRoma 12:10
6
KwabaseRoma 12:9
Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle.
Explore KwabaseRoma 12:9
7
KwabaseRoma 12:18
Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke.
Explore KwabaseRoma 12:18
8
KwabaseRoma 12:19
Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.
Explore KwabaseRoma 12:19
9
KwabaseRoma 12:11
ekukhuthaleni, ningabi ngamavila; nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi
Explore KwabaseRoma 12:11
10
KwabaseRoma 12:3
Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
Explore KwabaseRoma 12:3
11
KwabaseRoma 12:17
Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke.
Explore KwabaseRoma 12:17
12
KwabaseRoma 12:16
Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
Explore KwabaseRoma 12:16
13
KwabaseRoma 12:20
Kepha-ke: “Uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho, uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”
Explore KwabaseRoma 12:20
14
KwabaseRoma 12:14-15
Babusiseni abanihluphayo; busisani, ningaqalekisi. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
Explore KwabaseRoma 12:14-15
15
KwabaseRoma 12:13
nifune njalo ukuhlanganyela ekusweleni kwabangcwele, nisize nabayizihambi.
Explore KwabaseRoma 12:13
16
KwabaseRoma 12:4-5
Njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azenzi msebenzi munye, kanjalo nathi esibaningi, nokho simzimba munye kuKhristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.
Explore KwabaseRoma 12:4-5
Home
Bible
Plans
Videos