1
KwabaseRoma 2:3-4
IsiZulu 2020
Ngabe ucabanga wena muntu ukuthi ngokwehlulela labo abenza lezi zinto nawe ozenzayo, uyakuphepha yini ekwehluleleni kukaNkulunkulu na? Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene bakhe, neyokubekezela, kungakukhanyeli ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuholela ekuphendukeni na?
Compare
Explore KwabaseRoma 2:3-4
2
KwabaseRoma 2:1
Ngakho-ke awunakuzilandulela wena muntu owehlulelayo, noma ngabe ungubani, ngokuba ngalokho owehlulela ngakho omunye, uzehlulela wena; ngokuba zona lezo zinto obehlulela ngazo, ingani wena kanye uyakwenza khona lokho.
Explore KwabaseRoma 2:1
3
KwabaseRoma 2:11
Ngokuba uNkulunkulu akenzeleli.
Explore KwabaseRoma 2:11
4
KwabaseRoma 2:13
Ngokuba akusibo abezwa umthetho abangabalungileyo phambi kukaNkulunkulu, kodwa labo abawenzayo umthetho, yibona abayakulungisiswa.
Explore KwabaseRoma 2:13
5
KwabaseRoma 2:6
oyakuklomelisa lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe
Explore KwabaseRoma 2:6
6
KwabaseRoma 2:8
Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo.
Explore KwabaseRoma 2:8
7
KwabaseRoma 2:5
Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu
Explore KwabaseRoma 2:5
Home
Bible
Plans
Videos