1
KwabaseRoma 6:23
IsiZulu 2020
Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.
Compare
Explore KwabaseRoma 6:23
2
KwabaseRoma 6:14
ngokuba isono asiyukubusa phezu kwenu, phela anikho phansi komthetho, kodwa niphansi komusa.
Explore KwabaseRoma 6:14
3
KwabaseRoma 6:4
Ngakho sembelwa naye ngokubhabhadiselwa kukho ukufa ukuba njengalokhu uKhristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.
Explore KwabaseRoma 6:4
4
KwabaseRoma 6:13
futhi ninganikeli ngezitho zenu esonweni, ukuba zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo, abavukile kwabafileyo; nezitho zenu nizinikeleni kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga
Explore KwabaseRoma 6:13
5
KwabaseRoma 6:6
Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono
Explore KwabaseRoma 6:6
6
KwabaseRoma 6:11
Kanjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKhristu uJesu.
Explore KwabaseRoma 6:11
7
KwabaseRoma 6:1-2
Sizakuthini na? Siqhubeke sihlale esonweni ukuze kuvame umusa na? Phinde, neze. Thina esafa maqondana nesono singabuye siphile kanjani kuso na?
Explore KwabaseRoma 6:1-2
8
KwabaseRoma 6:16
Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku ezimthobelayo, niyizinceku zalowo enimthobelayo; noma ezesono esiholela ekufeni, noma ezokuthobeka kube ngukulunga na?
Explore KwabaseRoma 6:16
9
KwabaseRoma 6:17-18
Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono, senilalela ngenhliziyo indlela yemfundiso enanikelwa kuyo, nokuthi senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga.
Explore KwabaseRoma 6:17-18
Home
Bible
Plans
Videos