1
Marku 8:35
Baasraak Zulu New Testament Bible
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kodwa loba ngubani olahlekelwa yimpilo yakhe ngenxa yami langevangeli, yena uzakusindisa.
Compare
Explore Marku 8:35
2
Marku 8:36
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, alahlekelwe umphefumulo wakhe?
Explore Marku 8:36
3
Marku 8:34
Wasebizela kuye ixuku kanye labafundi bakhe, wathi kubo: Loba ngubani ofuna ukungilandela, kazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
Explore Marku 8:34
4
Marku 8:37-38
Kumbe umuntu anganikela ngani kube yisihlengo somphefumulo wakhe? Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.
Explore Marku 8:37-38
5
Marku 8:29
Wasesithi kubo: Lina-ke lithi ngingubani? UPetru waphendula, wathi kuye: “Wena unguKristu.
Explore Marku 8:29
Home
Bible
Plans
Videos