1
IzEnzo 2:38
Contemporary Zulu Bible 2024
UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
Compare
Explore IzEnzo 2:38
2
IzEnzo 2:42
Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.
Explore IzEnzo 2:42
3
IzEnzo 2:4
Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
Explore IzEnzo 2:4
4
IzEnzo 2:2-4
Kwathi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini njengowomoya ovunguza ngamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. Kwabonakala kubo izilimi ezihlukene kungathi ezomlilo, zahlala phezu kwalowo nalowo wabo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
Explore IzEnzo 2:2-4
5
IzEnzo 2:46-47
Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo. Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
Explore IzEnzo 2:46-47
6
IzEnzo 2:17
“Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho
Explore IzEnzo 2:17
7
IzEnzo 2:44-45
Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto; bathengisa ngempahla yabo lempahla zabo, babela bonke njengokuswela kwawo wonke.
Explore IzEnzo 2:44-45
8
IzEnzo 2:21
Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.
Explore IzEnzo 2:21
9
IzEnzo 2:20
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, nenyanga ibe yigazi, lungakafiki lolo suku lweNkosi olukhulu noluphawulekayo
Explore IzEnzo 2:20
Home
Bible
Plans
Videos