Kwathi abangane bakaJobe abathathu bezwa ngakho konke lokhu okubi okumehleleyo, bafika, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe; uElifazi umThemani, noBhilidadi umShuhi, noSofari umNahama; ngoba benza isivumelwano sokudabuka kanye lokumduduza.
Lapho bephakamisa amehlo abo bekude, bengamazi, baphakamisa izwi labo, bakhala; baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza ngothuli emakhanda abo ezulwini.
Bahlala phansi naye izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akwabakho owakhuluma naye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.