1
UNehemiya 8:10
Contemporary Zulu Bible 2024
Wayesethi kubo: “Hambani nidle amanoni, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselelwanga lutho; ngoba lolu suku lungcwele eNkosini yethu; ngokuba intokozo kaJehova ingamandla enu.
Compare
Explore UNehemiya 8:10
2
UNehemiya 8:9
UNehemiya onguTirishatha, no-Ezra, umpristi, nombhali, namaLevi ayefundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili futhi ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala lapho bezwa amazwi omthetho.
Explore UNehemiya 8:9
3
UNehemiya 8:6
U-Ezra wambonga uJehova, uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: Amen, amen, ngokuphakamisa izandla zabo; bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.
Explore UNehemiya 8:6
Home
Bible
Plans
Videos