YouVersion Logo
Search Icon

U-Ezra 8:22-23

U-Ezra 8:22-23 ZUL59

Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.” Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.

Video for U-Ezra 8:22-23