KumaHeberu 6
6
Kuhle baqhubeke ekwazini kokukholwa; ukusilela kulokho kunengozi
1Ngakho-ke masidlule esifundisweni sokuqala ngoKristu, siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu, 2nesifundiso sombhapathizo nokubeka izandla, nokuvuka kwabafileyo nokwahlulelwa okuphakade. 3Siyakukwenza lokho, uma uNkulunkulu evuma.
4 Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebake bakhanyiswa banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele, 5 banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo, 6 babuye bahlubuka – akunakwenzeka ukuba babuye bavuswe, baphenduke, lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu, bayithela ngehlazo obala.
7Ngokuba umhlabathi, ophuze imvula efika kaningi phezu kwawo, umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu; 8 kepha uma uveza ameva nekhakhasi, uyaleka, useduze nokuqalekiswa, ukuphela kwawo ngukushiswa.
9Kepha siyethemba ngani bathandekayo okuhle kunalokho, ngisho okuqondene nokusindiswa, noma sikhuluma kanje. 10 Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.
Mabafane nawokhokho ababambelela esithenjisweni
11 Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokho kukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube sekupheleni, 12ukuba ningabi buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.
13 Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga, 14wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa,” 15 kanjalo kwathi esebekezele, wakuzuza okwathenjiswayo.
16 Ngokuba abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyaqeda ukuphikisana konke, siqinise. 17Kulokhu-ke uNkulunkulu, ethanda kakhulu impela ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, walamula ngesifungo, 18 ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo, 19esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo, 20 lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.
Currently Selected:
KumaHeberu 6: ZUL59
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

: