U-Isaya 11
11
Ihlumela likaJese
1 Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese,
kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.
2UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe,
umoya wokuhlakanipha nowokuqonda,
umoya wamasu nowamandla,
umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.
3Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova;
akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe,
anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.
4 Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga,
anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba,
awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe,
abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
5 Ukulunga kuyakuba yibhande* lezinkalo zakhe,
ukuthembeka kube yibhande lamanyonga akhe.
6 Impisi iyakuhlala newundlu,
ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi,
ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye,
nomntwana omncane uyakukuqhuba.
7Inkomo nebhere* kuyakuklaba,
amazinyane akho abuthise ndawonye,
ingonyama idle utshani njengenkabi.
8Umntwana oncelayo uyakudlala ngasemgodini webululu,
olunyuliweyo elulele isandla sakhe
esiseleni sikamantshingeyana.
9 Abayikwenza okubi,
bangachithi entabeni yonke yami engcwele,
ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova
njengamanzi asibekela ulwandle.
10 Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.
11Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.
12 Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,*
ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli,
iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.
13Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka,
nabacindezela uJuda bayakunqunywa;
u-Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda,
noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.
14Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga,
baphange kanyekanye abantu basempumalanga,
belulele izandla zabo ngaku-Edomi noMowabi,
abakwa-Amoni babalalele.
15 UJehova uyakuqalekisa itheku lolwandle lwaseGibithe,
anikine isandla sakhe phezu koMfula*
ngokuhwamula komoya wakhe,
awushaye ube yiminonjana eyisikhombisa,
ukuze kuhanjwe ngezicathulo.
16 Kuyakuba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe,
eyakusala e-Asiriya,
njengalokho kwakunjalo ku-Israyeli
ngosuku lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.
Currently Selected:
U-Isaya 11: ZUL59
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

: