YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 46

46
Izithombe azinakusindisa
1 UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama;
izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo;
enibathweleyo bangumthwalo,
banzima ezilwaneni eziyethileyo.
2Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye,
azinakuwukhulula umthwalo;
nabo uqobo baya ekuthunjweni.
3 “Ngilalele wena ndlu kaJakobe,
yonke insali yendlu yakwa-Israyeli
engiyithwesiweyo kwasesiswini,
yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.
4Noze niguge, nginguye,
yebo, noze nibe yizimpunga,
ngiyakunithwala;
ngikwenzile lokhu,
futhi ngiyakunetshatha,
yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.
5 “Niyakungifanisa,
ningilinganise nobani,
ningiqathanise nobani ukuba sifanane na?
6 Abathulula igolide esikhwameni yini,
balinganise isiliva esilinganisweni,
baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu,
bese bekhothama, bakhuleke, na?
7Bamthwala ehlombe, bametshathe,
bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona,
angabe esasuka endaweni yakhe;
kepha uma umuntu ekhala kuye,
akayikumphendula,
angamsindisi osizini lwakhe.
8“Khumbulani lokhu, nime niqinile,
nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi.
9 Khumbulani izinto zakuqala zamandulo,
ngokuba nginguNkulunkulu,
akakho omunye,
yebo, nginguNkulunkulu,
akakho onjengami,
10 engimemezela ngaphambili okuyakuza,
nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi:
Icebo lami liyakuma,
ngiyakwenza yonke intando yami,
11mina engibiza inqe empumalanga
nomuntu wecebo lami ezweni elikude;
yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa;
nginqumile, ngiyakukwenza.
12Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo,
enikude nokulunga.
13 Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude,
insindiso yami ayiyikulibala;
ngibeka insindiso eSiyoni
nodumo lwami kwa-Israyeli.

Currently Selected:

U-Isaya 46: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in