AmaHubo 35
35
Umkhuleko wocela ukusindiswa ezitheni
ElikaDavide.
1Phikisana, Jehova,
nabaphikisana nami,
ulwe nabo abalwa nami.
2Thatha ihawu nesihlangu,
uvuke, ungisize.
3Hosha umkhonto, uvimbe indlela kwabangizingelayo;
yisho kuwo umphefumulo wami, uthi:
“Mina ngiyinsindiso yakho.”
4 Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami;
mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.
5 Mababe njengamakhoba emoyeni,
ingelosi kaJehova ibadudule.
6 Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi,
ingelosi kaJehova ibaxoshe.
7 Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici,
bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.
8 Ukubhujiswa makumehlele engazelele;
inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena;
makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.
9Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuJehova,
uthokoze ngokusindisa kwakhe.
10Onke amathambo ami azakuthi:
“Jehova, ngubani onjengawe,
wena okhulula ohluphekayo,
yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”
11 Ofakazi abangalungile bayasukuma,
babuza kimi engingakwaziyo.
12 Bangiphindisela okubi ngokuhle;
umphefumulo wami bawusozisele.
13 Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila;
umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla;
umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.
14Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu;
njengokhalela unina ngakhothama ngokulila.
15 Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye;
abashayi engingabaziyo bangibunganyela;
badumaza bengayeki.
16Njengezinteli ezikhonzela ucezu lwesinkwa
bangigedlela amazinyo.
17 Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na?
Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo,
ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo.
18 Ngizakukubonga ebandleni elikhulu,
ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.
19 Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu;
mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.
20Ngokuba abakhulumi ukuthula,
kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.
21 Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi:
“Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”
22Uyakubona, Jehova; mawungathuli;
Nkosi, mawungabi kude nami.
23Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami,
Nkulunkulu wami, Nkosi yami,
umele icala lami.
24 Ngahlulele ngokulunga kwakho,
Jehova Nkulunkulu wami;
mabangajabuli ngami.
25Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi:
“He, kwaya ngesifiso sethu!”
Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”
26 Mabajabhe,
babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami;
abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.
27 Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami;
mabathi njalonjalo:
“Makadunyiswe uJehova
othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”
28 Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho,
usuku lonke ngodumo lwakho.
Currently Selected:
AmaHubo 35: ZUL59
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.

:
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.