YouVersion Logo
Search Icon

1 KaJohane 3

3
Uphawu Lwabantwana BakaNkulunkulu
1 Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga. 2 Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo. 3 Bonke abanalelo themba kuye, bayazihlambulula, njengokuba Yena ehlambulukile.
4 Bonke abenza isono bayaweqa umthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho. 5 Seniyazi ukuthi Yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye. 6 Lowo okuye akoni; owonayo akambonanga, futhi akamazi.
7 Bantwanyana, maningadukiswa muntu. Umuntu owenza ukulunga, ulungile, njengokuba Yena elungile. 8 Owenza isono, ungokaSathane, ngokuba uSathane wona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze iyiqede iphele nya imisebenzi kaSathane. 9 Umuntu ozelwe nguNkulunkulu akasenzi isono, ngokuba imbewu kaNkulunkulu ihlala kuye, futhi akanakwenza sono, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu. 10 Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.
11 Yilo umyalo enawuzwayo kwasekuqaleni wokuthi sithandane, 12 kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.
Uthando Lwabazalwane
13 Ningamangali bazalwane uma izwe linizonda. 14 Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba siyabathanda abazalwane; ongabathandiyo uhlezi ekufeni. 15 Umuntu ozonda umzalwane wakhe ungumbulali. Niyazi-ke ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade.
16 Uthando silwazi ngalokhu ukuthi Yena wakudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Kanjalo nathi sifanele ukudela ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane. 17 Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? 18 Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangokukhuluma nje, kodwa makubonakale ngezenzo nangeqiniso.
Ukuba Nesibindi Phambi KukaNkulunkulu
19 Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; inhliziyo yethu iyakuba neqholo phambi kwakhe. 20 Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.
21 Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi sokuma phambi kukaNkulunkulu, 22 nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye. 23 Yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Khristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo. 24 Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye. Ngalokho siyazi ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya oNgcwele asinike Yena.

Currently Selected:

1 KaJohane 3: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in