YouVersion Logo
Search Icon

1 KwabaseThesalonikha 1

1
Isibingelelo
1 UPawula, uSilvanu, noThimothewu kulo ibandla laseThesalonikha elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Khristu: makube kini umusa nokuthula.
UPawula Ubabonga Ngokuqala Kahle Evangelini
2 Simbonga njalo uNkulunkulu ngani nonke, sinikhulekela singaphezi emikhulekweni yethu, 3 sikhumbula umsebenzi wenu wokukholwa, umshikashika wothando, nethemba lenu eliqinileyo eNkosini yethu uJesu Khristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu. 4 Siyazi ukukhethwa kwenu nguNkulunkulu, bazalwane abathandiweyo, 5 ngokuba ivangeli lethu alifikanga ngamazwi nje kuphela, kodwa ngamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu, ngenxa yenu. 6 Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele, 7 ngangoba naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo abaseMakhedoniya nase-Akhaya. 8 Ngokuba izwi leNkosi lizwakele livela kini, hhayi nje kuphela eMakhedoniya nase-Akhaya, kodwa ezindaweni zonke lapho bezwe khona ngokukholwa kwenu kuNkulunkulu, ngakho-ke akusadingeki ukuba sikhulume ngakho. 9 Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso; 10 nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in