YouVersion Logo
Search Icon

1 KuThimothewu 6

6
Ngezigqila
1 Bonke abaphansi kwejoka lobugqila mababazise abanumzane babo njengabafanelwe yinhlonipho yonke, ukuze igama likaNkulunkulu nemfundiso kungahlanjalazwa. 2 Izigqila ezinabanumzane abakholwayo, mazingabedeleli, ngokuba bangabazalwane njengazo, kodwa mazibasebenzele kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo, labo abasizakala ngokusebenza kahle kwazo. Fundisa lezi zinto futhi ugqugquzele.
Isifundiso Masibe Ngesiqinisileyo
3 Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, ephikisana namazwi aqinisileyo eNkosi yethu uJesu Khristu nemfundiso enokwesaba uNkulunkulu; 4 esekhukhumele, ebe engaqondi lutho, enelukuluku lokuphikisana nokuba nengxabano okuvela kukho umona, umbango, ukuhlambalaza, ukudlinza okubi, 5 ukuxabana okungapheliyo kwabantu abangqondo yabo yonakalisiwe, futhi abaphucwe iqiniso, abathi ukuzenzela inzuzo kungubuNkulunkulu.
6 Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, 7 ngokuba asilethanga lutho emhlabeni, kusobala futhi ukuthi asiyukumuka nalutho. 8 Kepha masaneliswe uma sinokudla nokokwembatha. 9 Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni, 10 ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
Ukukhonza UNkulunkulu Ngesiminya; Ukufundisa Izicebi Nokuxwaya Isifundiso Samanga
11 Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene. 12 Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi. 13 Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu onika ukuphila kukho konke, naphambi kukaKhristu uJesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPhontiyu Pilatu, 14 ukuba uwugcine lo myalo ungenasisihla, nakusoleka, kuze kube ngukubonakaliswa kweNkosi yethu uJesu Khristu, 15 ngesikhathi ayakubonakaliswa ngaso obongekayo nokunguYena ongaphezu kwakho konke, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi. 16 Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.
17 Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho. 18 Bayale ukuba benze okuhle, bacebe ngokwenza imisebenzi emihle, baphane, futhi babelane. 19 Ngalokho bazibekela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze bazuze ukuphila okuyikho.
Isiphetho
20 Thimothewu, londa lokhu okubekwe kuwe, ukugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana okuthiwa ulwazi kube kungesilo, 21 okuthe lapho abanye bekwamukela, baphambuka ekukholweni.
Umusa mawube nani.

Currently Selected:

1 KuThimothewu 6: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in