YouVersion Logo
Search Icon

2 KwabaseKhorinte 2

2
Ngokubuyiselwa Kwezoni Eziphendukayo
1Kepha nganquma ukuba ngingezi futhi kini ukunidabukisa. 2Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye lowo odabukiswa yimi na? 3 Ngilobe lezi zinto, ukuze kuthi uma ngifika, ngingezwiswa ubuhlungu yilabo obekufanele ngithokoze ngabo. Nginesibindi ngani nonke ukuthi ukuthokoza kwami kungokwenu nonke. 4 Ngokuba nganilobela ngisezinhlungwini, ngidabukile enhliziyweni, futhi kuphophoza izinyembezi, hhayi ukuba nginizwise ubuhlungu, kodwa ukuba nazi ukuthi nginithanda kakhulu.
Ukuthethelele Okonileyo
5Kepha uma kukhona onizwise ubuhlungu, uzwise mina ubuhlungu, ukuze ngingenzi ihaba, unidabukise nonke. 6Kumfanele onjalo ukuba ajeziswe ngalokho ngabaningi, 7 kodwa kunalokho, mthetheleleni, nimduduze, funa owenze lokho ahaqwe wusizi. 8 Ngakho-ke ngiyanincenga ukuba nimkhombise ukuthi niyamthanda. 9Ngokuba ngaloba ngaleso sizathu ukuba nginihlole ukuthi niyalalela yini kukho konke. 10 Lowo enimthethelela okuthile, nami ngiyamthethelela, ngokuba lokhu engikuthethelele, uma kukhona noma yini engiyithetheleleyo, ngiyithethelele ngenxa yenu, ebukhoneni bukaKhristu, 11 ukuze singehlulwa nguSathane, ngokuba asisibo abangawazi amaqhinga akhe.
Ukubonga UNkulunkulu Onqobisa Ngevangeli
12 Kepha ekufikeni kwami eThrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKhristu, ngavulelwa umnyango yiNkosi, 13 nokho angibanga nakho ukuthula emoyeni wami lapho ngingamfumani uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa, ngadlulela eMakhedoniya.
Ukunqoba NgoKhristu
14 Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke. 15 Ngokuba siyiphunga elimnandi likaKhristu kuNkulunkulu kulabo abasindiswayo nakulabo ababhubhayo. 16 Kwababhubhayo, siyiphunga lokufa kube ngukufa; kodwa kwabasindiswayo, siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Pho ngubani ongakwazi ukwenza lokho na? 17 Ngokuba asinjengabo abaningi abadunga izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa sikwenza njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKhristu.

Currently Selected:

2 KwabaseKhorinte 2: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in