YouVersion Logo
Search Icon

2 USamuweli 12

12
UNathani Ukhuluma NoDavide
Ukuzisola NokuJeziswa KukaDavide
1 USimakade wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye wathi: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu. 2Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu, 3 kepha empofu yayingenalutho, inexhukazana elilodwa eliselincane nje kuphela, eyayilithengile, yalondla. Lakhulela kuyo nakubantwana bayo; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo, lalala esifubeni sayo; lalinjengendodakazi kuyo.
4“Kwafika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukulungisela leso sihambi esasiyivakashele, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela isihambi.”
5 UDavide wathukuthela kakhulu ngenxa yalowo muntu, wathi kuNathani: “Ngifunga ngiyagomela kuSimakade, umuntu owenze lokho umelwe wukufa. 6 Ixhukazana uyakulibuyisela seliphindwe kane ngenxa yokuba enze lokho, futhi engabanga nasihawu.”
7 UNathani wathi kuDavide: “Nguwe kanye lowo muntu. Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi kuwe: ‘Ngakugcoba waba yinkosi ka-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule. 8 Ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi bayo wacamela kubo, ngakunika indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda. Uma lokho kukuncane bengiyakukwenezela ngokunye okuningi. 9 Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni, 10 ngakho-ke inkemba ayiyukusuka endlini yakho kuze kube phakade, ngokuba ungedelele, wathatha umka-Uriya, umHithi, waba ngumkakho.’
11 “Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha. 12 Wena wakwenza lokhu ekusithekeni, kodwa Mina ngizokwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke emini kwabha!’ ”
13 UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuSimakade.”
UNathani wathi kuDavide: “USimakade usisusile isono sakho, awuyukufa. 14 Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.”
15 UNathani wayesebuyela emzini wakhe.
USimakade wamshaya ngesifo umntwana umka-Uriya amzalela uDavide; umntwana wagula kakhulu. 16 UDavide wamncenga uNkulunkulu ukuba asindise umntwana. UDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke. 17 Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukuze amvuse emhlabathini. Akavumanga, futhi akadlanga nawo ukudla.
18Kwathi ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa. Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile, ngokuba zathi: “Bhekani, ngesikhathi umntwana esaphila sakhuluma naye, kodwa akasilalelanga. Pho sizomtshela kanjani ukuthi umntwana usefile? Angase azilimaze.”
19UDavide wabona izinceku zakhe zihlebelana, waqonda ukuthi umntwana akasekho. Wathi ezincekwini zakhe: “Usefile yini umntwana na?”
Zathi kuye: “Yebo, ufile.”
20 UDavide wayesesukuma emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaSimakade wakhothama, wakhuleka. Wayeseya endlini yakhe wacela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.
21Izinceku zakhe zathi kuye: “Yini le oyenzileyo ngenxa yomntwana na? Umntwana esaphila uzile ukudla, wakhala, lapho esefile, wasukuma wadla ukudla.”
22 Wathi kuzo: “Ngesikhathi umntwana esaphila ngazila ukudla, ngakhala, ngicabanga ukuthi ngubani owaziyo hleze uSimakade abe nomusa kimi aphile umntwana. 23 Manje usefile; ngisazozilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayukubuyela kimi.”
Ukuzalwa KukaSolomoni
24 UDavide wamduduza uBhathisheba, umkakhe; waya kuye, walala naye, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguSolomoni. USimakade wamthanda uSolomoni. 25Wathumela ngomphrofethi uNathani, wamqamba igama wathi nguJedidiya ngenxa kaSimakade.
UJowabe NoDavide Bahlasela IRabha
26 UJowabe wahlasela iRabha labakwa-Amoni, wadla umuzi wasebukhosini. 27UJowabe wathumela izithunywa kuDavide, wathi kuye: “Ngihlasele iRabha, ngawudla uMuzi Wamanzi. 28Ngakho-ke qoqa abantu abasele lapho, ukanise ngakuwo, uwudle, funa uthathwe yimi bese ubizwa ngegama lami.”
29UDavide wabaqoqa bonke abantu, waya eRabha, walwa nalo, walidla. 30Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo; isisindo sawo sasiyithalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; waphanga impango eningi kakhulu kulowo muzi. 31Abantu ababekuwo wabakhipha, wababulala ngamasaha, ngezibhulo zensimbi, nangamazembe ensimbi, abanye wabasebenzisa ukubumba izitini. Lokho wakwenza kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide, nabo bonke abantu, babuyela eJerusalema.

Currently Selected:

2 USamuweli 12: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in