YouVersion Logo
Search Icon

IDutheronomi 34

34
Ukufa KukaMose
1 UMose wakhuphuka emathafeni kwaMowabi, wenyukela entabeni iNebho, esicongweni iPhisiga esiqondene neJerikho. USimakade wamkhombisa lonke izwe lakwaGileyadi kuze kufike kwaDani, 2lonke elakwaNafethali, elakwa-Efrayimi, elakwaManase, nalo lonke elakwaJuda kuze kufike olwandle entshonalanga. 3 Wamtshengisa iNegevu nethafa lesigodi iJerikho umuzi wamasundu kuze kufike eZowari. 4 USimakade wathi kuye: “Nanto-ke izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika uzalo lwakho; ngikuvumele walibona ngamehlo akho, kodwa awuyukuwelela kulo.’ ”
5 UMose inceku kaSimakade wafela khona lapho kwaMowabi, njengezwi likaSimakade. 6 Wamngcwaba esigodini kwaMowabi, maqondena neBhethi Pheyori kodwa akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namhlanje. 7 UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi. 8 Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.
9 UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
10 Akuzange kuphinde kuvele umphrofethi kwa-Israyeli owayefana noMose, owayazana noSimakade ubuso nobuso. 11Akekho owayengalinganiswa naye ngazo zonke izibonakaliso nezimangaliso uSimakade amthumela ukuba azenze eGibhithe, kuFaro, kuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke, 12nangazo zonke izenzo zamandla, nezinto ezesabekayo uMose azenza phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli bebuka.

Currently Selected:

IDutheronomi 34: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in