YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 27

27
I-althare Leminikelo Yokushiswa
1 “I-althare uyolenza ngokhuni lomkhambathi; ubude balo bube ngamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi balo bube ngamakhubhithi ayisihlanu. I-althare liyakuba yisikwele; ukuphakama kwalo kube ngamakhubhithi amathathu. 2Uyokwenza izimpondo zalo emakhoneni omane alo, izimpondo zalo zibe yinto eyodwa ne-althare, ulicake ngethusi. 3Uyokwenza izitsha zalo zokubutha umlotha, amafosholo alo, izitsha zalo, izimfologo zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uyozenza zonke izimpahla zalo ngethusi. 4Uyakulenzela futhi isisefo sethusi esenziwe njengenetha, uyokwenza amasongo amane ethusi enetheni kuwo omane amakhona alo. 5Uyolibeka ngaphansi konqenqema oluzungeze i-althare, ukuba inetha leluleke lifinyelele ngaphakathi kwe-althare ukuya phezulu. 6Uyokwenza izingongolo ze-althare ngokhuni lomkhambathi, uzicake ngethusi. 7Izingongolo ziyofakwa emasongweni, ukuze zibe sezinhlangothini zombili ze-althare, uma lithwelwe. 8Uyolenza ngamapulangwe libe lugobhozi. Ulenze ngendlela owayikhonjiswa entabeni.
Igceke Lethabanakeli
9 “Uyokwenza igceke lethabanakeli. Ngaseningizimu yegceke kube khona amakhethini elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, ubude bawo bube ngamakhubhithi ayikhulu ohlangothini ngalunye; 10izinsika zalo ezingama-20, nezisekelo zazo ezingama-20 ziyokwenziwa ngethusi; izinkintsho zezinsika nezibopho zazo zenziwe ngesiliva. 11Kanjalo uyakulenzela amakhethini ngasohlangothini olungasenyakatho, ubude bawo bube ngamakhubhithi ayikhulu, izinsika zazo ezingama-20, nezisekelo zazo ezingama-20 zibe ngezethusi; izinkintsho zezinsika nezibopho zazo zenziwe ngesiliva.
12“Ohlangothini olungasentshonalanga lobubanzi begceke makube khona amakhethini ububanzi bawo bube ngamakhubhithi angama-50, abe nezinsika ezilishumi, nezisekelo ezilishumi. 13Ububanzi begceke ngasempumalanga ohlangothini olubheke empumalanga bube ngamakhubhithi angama-50. 14Kuyokuba khona amakhethini angamakhubhithi ali-15 ngasohlangothini olulodwa, izinsika ezintathu, nezisekelo ezintathu. 15Nakolunye uhlangothi kuyokuba khona amakhethini angamakhubhithi ali-15, izinsika ezintathu, nezisekelo ezintathu.
16“Esangweni legceke kuyokuba khona isihenqo esingamakhubhithi angama-20; senziwe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, okungumsebenzi womfekethisi. Siyakuba nezinsika ezine, nezisekelo ezine. 17Zonke izinsika ezizungeze igceke ziyakucakwa ngesiliva, izinkintsho zazo zibe ngezesiliva, izisekelo zibe ngezethusi. 18Ubude begceke buyokuba ngamakhubhithi ayikhulu, ububanzi bube ngangama-50, ukuphakama kube ngamakhubhithi ayisihlanu, kube namakhethini elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, nezisekelo zibe ngezethusi. 19Zonke izimpahla ezisetshenziswa ethabanakelini, izikhonkwane zakhona nazo zonke ezasegcekeni mazenziwe ngethusi.
20 “Uyobayala futhi abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha omnqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zihlale zivutha njalo. 21 Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.

Currently Selected:

I-Eksodusi 27: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in