YouVersion Logo
Search Icon

IGenesisi 30

30
Abantwana Bezancinza ZikaJakobe
1 URaheli ebona ukuthi akamzalele bantwana uJakobe, waba nomona ngodadewabo, wayesethi kuJakobe: “Nginike abantwana; kungenjalo ngizokufa.”
2 UJakobe wamthukuthelela uRaheli wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu yini okunguYena okuncishe inzalo na?”
3 URaheli wathi: “Nasi isisebenzi sami uBhiliha, lala naye ukuze angizalele abantwana, nami ngibe nezingane ngaye.”
4 Wamnika uBhiliha, isisebenzi sakhe saba yisancinza sakhe, uJakobe walala naye. 5UBhiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana. 6URaheli wathi: “UNkulunkulu ungehlulele, futhi ulizwile izwi lokunxusa kwami, wangipha indodana.”
Ngenxa yalokho wayiqamba igama wathi nguDani.
7UBhiliha isisebenzi sikaRaheli saphinda sakhulelwa, samzalela uJakobe enye indodana. 8URaheli wathi: “Ngibambene nodadewethu ngezikhwepha ezinkulu, ngamnqoba.” Wayeseyiqamba igama wathi nguNafethali.
9ULeya esebona ukuthi usemile ukuzala, wathatha isisebenzi sakhe uZilipha wasinikela kuJakobe ukuba sibe yisancinza sakhe. 10UZilipha isisebenzi sikaLeya samzalela indodana uJakobe. 11ULeya wathi: “Nginenhlanhla,” wayiqamba igama wathi nguGadi.
12UZilipha isisebenzi sikaLeya samzalela enye indodana uJakobe. 13ULeya wathi: “Ngibusisiwe! Ngokuba abesifazane bazothi ngingobusisiweyo.”
Wayiqamba igama wathi ngu-Asheri.
14 Ngezinsuku zokuvunwa kukakolo, uRubeni waya endle wathola amamandarike. Wawaletha kunina uLeya. URaheli wathi kuLeya: “Ake ungiphe nami amamandarike endodana yakho.”
15Kepha wathi kuye: “Akwanele yini ukungithathela umyeni wami; manje usufuna ukungiphuca namamandarike omntanami na?”
URaheli wathi: “Kulungile-ke, uJakobe uzolala nawe ngalobu busuku uma unginika amamandarike endodana yakho.”
16Kwathi kusihlwa uJakobe esebuyela ekhaya evela emasimini, uLeya waphuma wamhlangabeza, wathi kuye: “Namhlanje uzolala nami, ngokuba ngikuqashe ngamamandarike endodana yami.”
Walala naye ngalobo busuku.
17UNkulunkulu wamlalela uLeya, wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu. 18ULeya wathi: “UNkulunkulu ungiphe umvuzo, ngoba nginikele ngesisebenzi sami endodeni yami.”
Wayiqamba igama wathi ngu-Isakhari.
19ULeya wakhulelwa futhi, wamzalela uJakobe indodana yesithupha. 20ULeya wathi: “UNkulunkulu ungiphe isipho esiyigugu. Umyeni wami usezongazisa manje ngoba sengimzalele amadodana ayisithupha.”
Ngakho-ke wayiqamba igama wathi nguZebuloni.
21Emveni kwalokho wamzalela indodakazi, wayiqamba igama wathi nguDina.
22 UNkulunkulu wamkhumbula noRaheli, wawuphendula umkhuleko wakhe, wasivula isibeletho sakhe. 23Wakhulelwa, wazala indodana wathi: “UNkulunkulu ulisusile ihlazo lami.”
24 Wayiqamba igama wathi nguJosefa. “USimakade makanezele kimi ngenye indodana.”
Ukwanda Kwemfuyo KaJakobe
25 Kwathi uRaheli esezele uJosefa, uJakobe wayesethi kuLabani: “Ngivumele ngihambe ngibuyele ekhaya kwelakithi. 26 Ngikhululele nomkami nabantwana bami engibasebenzeleyo ngihambe, ngokuba uyazi ukuthi ngikusebenzele kangakanani.”
27 ULabani wathi kuye: “Uma uzongivumela ukuba ngisho lokhu: ngizwile uma ngibhula ukuthi uSimakade ungibusise ngenxa yakho.
28 “Nquma iholo lakho ngizokunika lona.”
29UJakobe wathi kuye: “Wena uyazi ukuthi ngikusebenzele kangakanani, nokuthi imfuyo yakho ichume kangakanani isesandleni sami; 30ngokuba ngingakafiki wawunemfuyo encane, kodwa selokhu ngafika imfuyo yakho isiyande kakhulu, futhi uSimakade ukubusisile noma kuphi lapho bengiya ngakhona; kodwa manje ngizoyisebenzela nini mina indlu yami na?”
31Wathi: “Ngizokunikani na?”
UJakobe wathi: “Awuyukunginika lutho. Ngenzele kube kunye nje, ngizoqhubeka ngikwelusele umhlambi wakho, ngiwunakekele. 32 Namhlanje ngizodabula phakathi komhlambi wakho, ngisuse zonke ezimabhadubhadu, nezimabalabala, nazo zonke izimvu ezimnyama kuwo. Nginike ezinjalo kube yiholo lami. 33Ubuqotho bami buzongifakazela ngomuso lapho usufika uzohlola iholo ongikhokhele lona. Leso silwane oyosithola kimi singemabhadubhadu, futhi singemabalabala ezimbuzini, nesingemnyama ezimvini zami, kuyoba ngisebile.”
34ULabani wathi: “Kuhle-ke, akuye njengamagama enkehli.”
35Ngalolo lusuku uLabani wakhetha zonke izimpongo ezihunqu, nezimabhadubhadu, nezimbuzikazi ezimabalabala, nezimabhadubhadu, zonke lezo ezazinamabala amhlophe, namawundlu amnyama, wakupha amadodana akhe. 36Ayesehamba ibanga lezinsuku ezintathu eqhela kuJakobe, uJakobe waqhubeka nokwelusa umhlambi kaLabani.
37UJakobe wathatha izinduku zikabhabhulini, nezomu-alimondi, nezesinana, wazixebula amaxolo, kwavela okumhlophe ezindukwini. 38 Wazibeka lezo zinduku ezixetshuliweyo kuyo yonke imikhombe ezazizophuza kuyo ukuze zibe phambi kwezimbuzikazi ngesikhathi zifika ukuzophuza, ngokuba yilapho zazikhwelana khona. 39Ngenxa yokuba zazikhwelana phambi kwezinduku, zonke zazala amazinyane ahunqu, namabhadubhadu, namabalabala. 40UJakobe wawehlukanisa lawo mazinyane emhlanjini kaLabani. Ngesikhathi zikhwela, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezikaLabani, kwezinemishwi nezimnyama. Ezakhe wazehlukanisa azaze zahlangana nemihlambi kaLabani. 41Kwakuthi njalo uma eziqinileyo emhlanjini zikhwelana, uJakobe abeke izinduku phambi kwazo emikhombeni ukuze zikhwelwe zibheke kuzo. 42Uma kungezintekenteke emhlanjini angazibeki izinduku. Zonke ezintekenteke kwaba ngezikaLabani, eziqinile zaba ngezikaJakobe. 43 Ngokwenza kanjalo, uJakobe waba yisicebi esikhulu, enemihlambi emikhulu yezimvu, nezimbuzi, nezincekukazi, nezinceku, namakameli, nezimbongolo.

Currently Selected:

IGenesisi 30: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in