YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 43

43
Ukuhlengwa Kuka-Israyeli
1Manje usho kanje uSimakade
owakudala wena Jakobe,
nowakubumba wena Israyeli, uthi:
“Ungesabi ngokuba ngikuhlengile,
ngikubize ngegama lakho;
ungowami.
2Uma udabula emanzini,
Mina ngiyokuba nawe,
nemifula ayiyukukukhukhula;
nalapho udabula emlilweni,
awuyukusha;
ilangabi aliyukukushisa.
3Ngokuba Mina nginguSimakade
uNkulunkulu wakho,
oNgcwele ka-Israyeli
uMsindisi wakho.
IGibhithe ngilinikele laba yinhlawulo yakho;
iKhushe neShebha esikhundleni sakho.
4Ngokuba uyigugu emehlweni ami,
uhloniphekile, futhi ngiyakuthanda;
ngiyonikela abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
5Ungesabi, ngokuba nginawe,
ngiyakuletha abozalo lwakho
bevela empumalanga,
ngikuqoqe nasentshonalanga.
6Ngiyothi kuyo inyakatho:
‘Bakhulule,’
nakuyo iningizimu, ngithi:
‘Ungabagodli.’
Lethani amadodana ami
asuka ezweni elikude,
namadodakazi ami
avela emikhawulweni yomhlaba,
7yilowo nalowo obizwa ngeGama lami,
engimdalele udumo lwami,
ngambumba, futhi ngamenza.”
U-Israyeli Ungufakazi KaSimakade
8Lethani abantu abayizimpumputhe
bebe benamehlo,
nabayizithulu
bebe benezindlebe.
9Izizwe zonke mazihlangane ndawonye;
abantu bonke babuthane.
Ngubani phakathi kwabo ongasho lokhu,
asitshele izinto zakuqala na?
Mabalethe ofakazi babo
ukuze bazobafakazela,
mabezwe bese bethi:
“Kuliqiniso.”
10“Ningofakazi bami,” kusho uSimakade,
“nenceku yami engiyikhethileyo,
ukuze nazi, futhi ningikholwe,
niqonde ukuthi Mina nginguye.
Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami,
futhi akekho oyokwenziwa ngasemuva kwami.
11Mina, Mina nginguSimakade,
ngaphandle kwami akekho uMsindisi.
12Ngishilo, ngasindisa, ngamemezela,
ngesikhathi kungakabi bikho nkulunkulu
wabezizwe phakathi kwenu.
Nina ningofakazi bami,” kusho uSimakade.
“Mina nginguNkulunkulu.
13Mina nginguye kwasemandulo.
Akekho ongakusindisa okusesandleni sami,
ngiyenza,
ngubani ongakuvimba lokho na?”
USimakade Uzakwenza Okusha
14Usho kanje uSimakade uMhlengi wenu
oNgcwele ka-Israyeli, uthi:
“Ngenxa yenu ngithumele eBhabhele,
ngiyobehlisa bonke ababalekileyo,
namaKhaledi ngemikhumbi,
bememeza ngenjabulo.
15Mina nginguSimakade oNgcwele wenu,
uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.”
16Usho kanje uSimakade
odala indlela olwandle,
nomkhondo emanzini anamandla,
17okhipha izinqola zempi;
amahhashi, impi, namaqhawe,
kulale uyaca kanyekanye
kungabe kusavuka.
Kucishwe, kucinywe
njengentambo yesibani.
18“Ningakhumbuli izinto zakuqala,
ningazindli ngezindaba zasendulo.
19Bhekani, sengizokwenza okusha,
kuqhamuka khona manje;
niyakubona na?
Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane,
nemifula kwahlongasibi.
20Izilwane zasendle:
izimpisi nezintshe kuzongidumisa,
ngokuba ngiveze amanzi ehlane
nemifula kwahlongasibi,
ukuphuzisa abantu bami engibakhethileyo,
21abantu engizidalele bona,
ukuze bamemezele udumo lwami.
22“Nokho wena Jakobe, awuzange ungibize;
nawe Israyeli, udiniwe yimi.
23Awuzilethanga kimi izimvu zakho
zomnikelo wokushiswa;
awungidumisanga ngemihlatshelo yakho;
angizange ngibe kuwe ngumthwalo ngeminikelo,
noma ngikukhathaze ngempepho.
24Awungilethelanga ngamali ikhalamusi;
awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho,
kodwa ungethwese umthwalo ngezono zakho,
wangikhathaza ngobubi bakho.
25“Mina, Mina nginguye
owesula iziphambeko zakho
ngenxa yami;
angiyukuzikhumbula izono zakho.
26Ngikhumbuze, masiqagulisane,
lubeke udaba lwakho,
ukuze kubonakale ukuthi awunacala.
27Ukhokho wakho wokuqala wona,
nabakukhulumelayo baphambukile kimi.
28Ngakho-ke ngizingcolisile izikhulu zendlu engcwele;
uJakobe ngizakumnikela ukuba achithwe,
no-Israyeli ukuba abe yisithuko.”

Currently Selected:

U-Izaya 43: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in