YouVersion Logo
Search Icon

U-Izaya 55

55
Isimemo Somusa KaSimakade
1“We nina nonke enomileyo,
wozani emanzini;
nani eningenamali
wozani nithenge, nidle;
wozani nithenge mahhala,
yebo, iwayini nobisi,
kungabizi mali.
2Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa,
nenzuzo yenu kukho okungenelisiyo na?
Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle,
umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.
3Bekani izindlebe, nizwe,
nize kimi, uyophila umphefumulo wenu;
ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade,
izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.
4Bheka, ngimenze abe ngufakazi kubantu,
umholi nomyali wabantu.
5Bheka, uyobiza izizwe ongazazi,
nezizwe ebezingakwazi zigijimele kuwe
ngenxa kaSimakade uNkulunkulu wakho
nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli,
ngokuba ukudumisile.”
6Mfuneni uSimakade esenokutholwa,
nimbize eseseduze.
7Omubi makayishiye indlela yakhe,
nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe,
abuyele kuSimakade,
uyokuba nomusa kuye,
abuyele kuNkulunkulu wethu,
ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.
8“Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” kusho uSimakade.
9“Njengalokhu amazulu ephakeme kunomhlaba,
kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu,
nemicabango yami
kunemicabango yenu.
10Imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwini,
akubuyeli khona,
kunalokho kumatisa umhlaba,
kuwenze uhlume,
uthele,
unike ohlwanyelayo inhlwanyelo,
nodlayo ukudla.
11Liyoba njalo izwi lami,
eliphuma emlonyeni wami:
aliyukubuyela kimi lilambatha,
lingakakufezi lokho engikufunayo,
liphumelele kulokho engilithumelele khona.
12Niyophuma ngentokozo,
niholwe ngokuthula;
izintaba namagquma kuyoqhumuka
kuhlabelele phambi kwenu,
nemithi yonke yasendle iyoshaya ihlombe.
13Esikhundleni sogagane,
kuyomila umsayiphuresi;
nasesikhundleni samakhakhasi,
kumile umbomvana.
Kuyokuba yisikhumbuzo kuSimakade,
nesibonakaliso saphakade esingeyukuphela, esingasayukunqunywa.”

Currently Selected:

U-Izaya 55: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in