YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 28

28
Inkulumo Yokugcina KaJobe Isaqhubeka
1“Impela ikhona imayini yesiliva,
nendawo okucwengwa kuyo igolide.
2Insimbi imbiwa emhlabathini,
netshe lincibilikiswe libe yithusi.
3Abavukuzi bayabuqeda ubumnyama,
bacingisise amatshe emajukujukwini
nasesigayegayeni sobumnyama.
4Bamba umgodi wemayini
kude nalapho kuhlala khona abantu,
lapho lungakaze lubhadwe muntu khona,
behla bejikajika belenga kude nabantu.
5Emhlabeni kuvela ukudla,
kodwa phansi kwawo
uyaphendulwa njengomlilo.
6Amatshe awo ayindawo yamasafire;
inothuli lwegolide.
7Leyo ndlela ayaziwa yinqe,
neso likaheshane alikaze liyibone.
8Izilo ezinkulu azikaze zihambe ngayo,
nebhubesi alikaze ledlule kuyo.
9Welula isandla sakhe
phezu kwetshe lensengetsha,
agumbuqele izintaba,
kusukela ezimpandeni zazo.
10Uqhekeza imihohoba emadwaleni;
iso lakhe likubona konke okuyigugu.
11Uvimba imifula ingaconsi,
akukhiphele ekukhanyeni okufihlakeleyo.
12 “Kepha kutholakalaphi ukuhlakanipha na?
Ikuphi indawo yokuqonda na?
13Umuntu akayazi intengo yakho,
akutholakali ezweni labaphilayo.
14Utwa luthi:
‘Akukho kimi;’
ulwandle luthi:
‘Akukho kimi.’
15 Akunakuzuzwa ngegolide,
intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.
16Ayinakulinganiswa negolide lase-Ofiri,
neshohamu eliyigugu nesafire.
17 Igolide nengilazi akunakulinganiswa nakho,
akunakushintshaniswa ngezinto zegolide elicwengekileyo.
18 Akunakukhulunywa ngekhorali nangekhristalu,
intengo yobuhlakani ingaphezu kweyamarubhi.
19 Ithophazi laseKhushe alinakuqhathaniswa nakho,
kungelingane negolide elicwengekileyo.
20 “Kuvela kuphi ukuhlakanipha na?
indawo yokuqonda ikuphi na?
21Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo,
kufihliwe nasezinyonini zezulu.
22 Ukubhubha nokufa,
kuthi: ‘Nathi ngezindlebe zethu
sizwile amahemuhemu akho.’
23 UNkulunkulu uyayiqonda indlela yakho,
uyayazi indawo yakho.
24 Ngokuba nguye owabeka imikhawulo yomhlaba,
ubona konke okuphansi kwezulu.
25 Ngesikhathi enika umoya isisindo sawo,
elinganisa amanzi ngezilinganiso zawo,
26 lapho enzela imvula isimiso,
nonyazi lwezulu indlela,
27khona wakubona,
walanda ngakho,
wakuhlela, wakuphenya.
28 Wathi kubantu:
‘Bhekani, ukwesaba iNkosi
kungukuhlakanipha;
ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”

Currently Selected:

UJobe 28: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in