YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 32

32
U-Elihu Uyaqhamuka; Ubeka Uvo Lwakhe
1 Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukuphendulana noJobe ngoba wayengolungileyo emehlweni akhe. 2 U-Elihu, indodana kaBharakheli, umBhuzi, womndeni kaRamu, wathukuthela uJobe ngokuba wayezithethelela yena kunoNkulunkulu. 3Wabathukuthelela nabangani bakaJobe abathathu, ngoba babengavelanga nampendulo, nakuba uJobe babemlahla ngecala. 4U-Elihu wayelindile ukuba akhulume noJobe ngoba laba babebadala kunaye. 5Kepha lapho ebona u-Elihu ukuthi akukho mpendulo evela emilonyeni yalawo madoda amathathu, wathukuthela.
6 U-Elihu, indodana kaBharakheli, umBhuzi wakhuluma, wathi:
“Mina ngisemusha ngeminyaka,
nina nibadala;
yingakho bengikhathazekile, nginamahloni,
ngesaba ukunitshela okusemqondweni wami.
7 Ngathi:
‘Makukhulume asebenezinsuku,
abaneminyaka eminingi
mabafundise ngokuhlakanipha.’
8 Nokho kumuntu kukhona umoya,
ukuphefumula kukaSomandla kunikeza ukuqonda.
9 Akusibo abadala abahlakaniphileyo,
nabaqonda okulungile.
10“Ngakho-ke ngithi ngilaleleni,
nami ngibeke olwami uvo.
11Bhekani, ngiwalalele amazwi enu,
ngabeka indlebe ekuqondeni kwenu,
lapho niphumputha eniyakukusho.
12Nginilalele ngesineke,
bhekani, akukho noyedwa phakathi kwenu
omthethisile uJobe,
nowaphendulile amazwi akhe.
13Maningasho ukuthi:
‘Sikutholile ukuhlakanipha,
uNkulunkulu angamehlula,
hhayi umuntu.’
14Amazwi akhe akawaqondisanga kimi,
angizukumphendula ngokushiwo yinina.
15“Bakhungathekile, baphelelwe ngamazwi,
akukho lutho abangalusho.
16Nami ngibalinde yini,
njengoba bengasho lutho na?
Bamile laphaya, abasaphenduli.
17Nami sengizophendula,
ngibeke olwami uvo.
18Ngiphuphuma amazwi ngaphakathi;
umoya wami uyangiqhubezela.
19Bhekani, isisu sami
sifana newayini elingakavulwa,
njengezimvaba zewayini ezintsha,
zilungele ukuqhuma.
20Mangikhulume ukuze ngikhululeke,
mangivule izindebe zami,
ukuze ngiphendule.
21 Mangingenzeleli muntu,
noma ngincetheze kunoma ngubani,
22ngokuba angikwazi ukuthopha;
kungenjalo, uMenzi wami
angangibhubhisa masinyane.”

Currently Selected:

UJobe 32: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in