YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 34

34
U-Elihu Uvikela Ukulunga KukaNkulunkulu
1U-Elihu wayeseqhubeka ethi:
2“Yizwani amazwi ami,
nina zihlakaniphi,
ningilalele nina enaziyo.
3 Ngokuba indlebe iyawahlunga amazwi,
njengalokhu ulwanga lunambitha ukudla.
4Masizikhethele thina okulungile,
sikubone thina okuhle.
5 Ngokuba uJobe uthe:
‘Ngilungile, kodwa uNkulunkulu
ungephuce ilungelo lami.
6 Noma ngiqinisile
kepha ngithathwa njengonamanga,
inxeba lami alipholi,
nakuba ngingenzanga siphambeko.’
7 Ngumuphi umuntu onjengoJobe,
ophuza ukungcofwa njengamanzi,
8 ohamba engumshungu nezikhohlakali,
ahambe nababi na?
9 Ngokuba uthi:
‘Akunalusizo kumuntu
ukuba azane noNkulunkulu.’
10 “Ngalokho ngizweni,
nina bantu abanokuqonda,
makube kude noNkulunkulu ukuba enze inkohlakalo,
nakuSomandla ukuba enze okungalungile.
11 Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe,
enze bazuze yilowo nalowo
ngokwezindlela zakhe.
12 Impela uNkulunkulu akakwenzi okubi,
uSomandla akabuhlanekezeli ubulungiswa.
13 Ngubani owambeka phezu komhlaba na?
Ngubani owamisa izwe lonke na?
14 Uma ebeyakuzibheka Yena,
azibuyisele umoya wakhe
nomphefumulo wakhe,
15 bonke abantu bayakufa kanyekanye,
umuntu abuyele othulini.
16“Uma unengqondo, yizwa lokhu,
ulalele amazwi engiwakhulumayo.
17 Imbala ozonda ubulungiswa uyakubusa yini na?
Uyakumlahla yini olungileyo nonamandla,
18othi enkosini:
‘Awuyinto yalutho,’ nasezikhulwini athi:
‘Niyizikhohlakali,’
19 ongakhethi buso bezikhulu,
onganaki ocebileyo kunompofu na?
Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
20 Bayafa ngokuphazima kweso,
phakathi kwamabili abantu bayathuthumela,
banyamalale,
amaqhawe ayasuswa,
kepha hhayi ngesandla somuntu.
21 “Ngokuba amehlo akhe asezindleleni zabo bonke,
uzibona zonke izinyathelo zabo.
22 Abukho ubumnyama,
nesigayegaye asikho,
lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.
23 Ngokuba uNkulunkulu akadingi
ukuba amphenyisise umuntu
ukuze eze phambi kwakhe ekwehlulelweni.
24 Uyabaphahlaza abanamandla, engaphenyanga,
abeke abanye ezikhundleni zabo.
25 Ngalokho uyayazi imisebenzi yabo,
uyabaqumba phansi ebusuku, baphahlazwe.
26 Uyabashaya njengezikhohlakali kubona bonke abantu,
27 ngokuba bachezuka ekumlandeleni,
abaze banaka neyodwa yezindlela zakhe.
28 Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye,
wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.
29Uma Yena ethula,
ngubani ongamsola na?
Uma efihla ubuso bakhe,
ngubani ongambona na?
Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,
30 ukuze kungabusi muntu ongenankulunkulu,
angabi wugibe kubantu.
31 “Ukhona yini oke wathi kuNkulunkulu:
‘Ngethweswe icala noma ngingonanga.
32Lokhu engingakuboni, ngifundise khona;
uma ngenzile okungalungile, angisayukuphinda.’
33Uyakuphindisela ngokuthanda kwakho yini,
njengoba usenqaba isifundiso sami na?
Ngokuba nguwe ozakukhetha, hhayi mina;
khuluma okwaziyo.
34 “Abantu abanokuqonda bayothi kimi,
yebo, nezihlakaniphi ezingizwayo, ziyothi:
35 ‘UJobe ukhuluma engenalwazi,
amazwi akhe awanangqondo.’
36 Sengathi uJobe angavivinywa njalo,
ngokuba uphendula njengezikhohlakali.
37 Uyenezelela ukuhlubuka esonweni sakhe,
ushaya izandla phakathi kwethu,
akhulume amazwi amaningi kuNkulunkulu.”

Currently Selected:

UJobe 34: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in