YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 7

7
UJobe Ubeka Udaba Lwakhe Ngosizi
1 “Umshikashika
akusiwo yini owabantu emhlabeni,
nemihla yabo ayinjengayo yini
eyomqashwa na?
2Njengesigqila silangazelela ithunzi,
nosebenzayo elindele umholo wakhe,
3 kanjalo ngabelwe izinyanga zokungenanzuzo,
ngamiselwa ubusuku benhlupheko.
4 Nxa ngilala ngithi:
‘Ngiyovuka nini na?’
Ubusuku bude,
kuze kuse ngibinyabinyeka.
5 Umzimba wami wembozwe yizimpethu nothuli.
Isikhumba sami siyaphola,
sibuye sibhicike.
6 “Imihla yami iyashesha kunesaluko,
iphela ingenathemba.
7 Khumbula ukuthi
ukuphila kwami kungumoya,
iso lami aliyukubuye likubone okuhle.
8 Iso elingibonayo alisayukungibona,
amehlo akho esangibhekile,
ngiyobe ngingasekho.
9 Njengokuba ifu linyamalala
lingabe lisaba bikho,
unjalo-ke owehlele endaweni yabafileyo, akasayukukhuphuka.
10 Akasayukubuyela endlini yakhe,
indawo yakhe ayisayukumazi.
11 “Ngakho-ke nami angizukuwunqanda
umlomo wami,
ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami,
ngikhononde ngomunyu
emphefumulweni wami.
12 Ngilulwandle yini,
noma inkanyamba yolwandle,
uze ungibekele abalindi na?
13 Lapho ngithi:
“Umbhede wami uzongiduduza,
icansi lami lingithwalise
ukukhononda kwami,
14uyangesabisa ngamaphupho,
ungethuse ngemibono,
15ukuze umphefumulo wami
uqoke ukuklinywa nokufa
kunokuba ngibe kulo mzimba.
16 Ngiyakuzonda ukuphila kwami,
angiyukuhlala njalo, ngiyeke,
ngokuba imihla yami iyize.
17 Uyini umuntu ukuba umenze abe mkhulu,
nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,
18 nokuba umhambele njalo ekuseni,
umhlole imizuzu ngemizuzu na?
19 Kuyoze kube nini
ungawasusi amehlo akho kimi na?
Ngiyeke ngize ngigwinye
isikhwehlela sami.
20 Uma ngona,
ngenzani kuwe mlindi wabantu na?
Ungimiseleni ngibe yinkololo yakho,
ngize ngibe ngumthwalo nakimi na?
21 Awusithetheleli ngani isiphambeko sami,
ususe isono sami na?
Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini,
uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”

Currently Selected:

UJobe 7: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in