UJoshuwa 11
11
Ukunqotshwa Kwenkosi UJabhini Nayehambisana Nabo
1 Ngesikhathi uJabhini, inkosi yaseHazori, ezwa ngalokhu, wathumela kuJobabhi inkosi yaseMadoni, nasenkosini yaseShimironi, nasenkosini yase-Akhishafu, 2 nasemakhosini asenyakatho kwelezintaba, nase-Araba eningizimu eKhinerethi, nasemathafeni, nasezintabeni eDori entshonalanga, 3nakumaKhanani empumalanga, nasentshonalanga, nakuma-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi kwelezintaba, nakumaHivi phansi kweHermoni eMizpha. 4 Aphuma wonke namabutho awo, impikazi eyayingangesihlabathi solwandle, inamahhashi amaningi kakhulu, nezinqola zempi. 5Wonke lawo makhosi ayihlanganisa impi yawo, eza, akanisa ndawonye ngasemanzini eMerome, ukuba alwe no-Israyeli.
6 USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”
7Wayesefika uJoshuwa nawo wonke amabutho, abahlasela bengazelele ngasemanzini eMerone, babathelekela. 8 USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye. 9 UJoshuwa wenza kubo njengalokhu uSimakade ayemyalile: wanquma amahhashi abo imisipha, washisa nezinqola zabo ngomlilo.
10 UJoshuwa wabuya ngaleso sikhathi, wadla iHazori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, ngokuba iHazori kuqala laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso. 11 Bababulala ngenkemba bonke ababekulo, baliqothula, akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo; walishisa iHazori ngomlilo.
12 UJoshuwa wayidla yonke imizi yalawo makhosi nawo wonke amakhosi ayo, wakuchitha ngenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaSimakade. 13Kepha imizi eyayakhiwe emagqumeni, u-Israyeli akashisanga namunye kuyo ngaphandle kweHazori kuphela, uJoshuwa alishisa. 14 Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo. 15 Njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo noMose wayala uJoshuwa; noJoshuwa wenza kanjalo; akashiyanga nakunye kukho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.
Umkhankaso Wasenyakatho
UJoshuwa Ulidla Lonke Izwe
16 UJoshuwa walidla lonke lelo lizwe: elezintaba, nayo yonke iNegevu, nalo lonke iGosheni, amathafa, i-Araba, nelezintaba kwa-Israyeli, namathafa alo, 17 kusukela entabeni iHalakhi, ekhuphukela ngaseSeyiri kuze kuyofika eBhali Gadi esigodini iLebhanoni phansi kwentaba iHermoni. Wawaqumba phansi wonke amakhosi awo, wawabulala ngenkemba. 18 UJoshuwa walwa isikhathi eside nawo wonke lawo makhosi. 19 Akukho muzi namunye owenza isivumelwano sokuthula nabantu bakwa-Israyeli, ngaphandle kwamaHivi ayeyizakhamuzi zaseGibheyoni; yonke yanqotshwa empini. 20 Ngokuba kwakungukwenza kukaSimakade ukuba izinhliziyo zabo zibe lukhuluni, ukuze bazokulwa no-Israyeli abehlule abaqothule, angabi namusa kubo, kodwa ashaye icole, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
21 Ngaleso sikhathi uJoshuwa wafika wawaqotha ama-Anaki, kusuka kwelezintaba eHebhroni, eDebhiri, e-Anabhi, kulo lonke elezintaba kwaJuda, nakulo lonke elezintaba kwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula wonke nemizi yawo. 22 Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labakwa-Israyeli; kwasala kuphela ingxenye eGaza, eGathi, nase-Ashidodi. 23 Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.
Currently Selected:
UJoshuwa 11: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.