26
Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sesithathu (2)
1 Njengeqhwa ehlobo,
nemvula ngesikhathi sokuvuna,
kanjalo udumo alusifanele isiwula.
2 Njengenyoni ekuhambeni kwayo,
nenkonjane ekundizeni kwayo,
sinjalo isiqalekiso esingenasizathu.
3 Isiswebhu singesehhashi,
netomu lingelembongolo,
noswazi lungolomhlane weziwula.
4 Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso,
funa ufane naso.
5 Phendula isiwula njengobuwula baso,
funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.
6 Othumela umbiko ngesiwula uzigwaza ngowakhe;
ufana nozinqume izinyawo.
7Njengemilenze yokhubazekileyo elengayo,
sinjalo nesaga emilonyeni yeziwula.
8Onika isiwula udumo
ufana nobophela itshe endwayimaneni.
9Njengeva elihlaba isandla sesidakwa,
sinjalo nesaga emilonyeni yeziwula.
10Njengomnembi ngomcibisholo olimaza bonke,
unjalo oqasha isiwula esizidlulelayo.
11 Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo,
kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.
12 Kunethemba ngesiwula
kunozibona ehlakaniphile emehlweni akhe.
13 Ivila lithi:
“Kukhona ingonyama endleleni,
nebhubesi phakathi esigcawini.”
14Isicabha siphenduka ngezingibe zaso,
nevila ecansini lalo.
15 Ivila liyasifihla isandla salo esitsheni;
alisibuyiseli emlonyeni walo.
16 Ivila lihlakaniphile emehlweni alo,
kunabayisikhombisa abakhuluma okuhluzekile.
17 Njengomuntu obamba inja eyedlulayo ngamadlebe,
unjalo ozigaxa engxabanweni yabanye abantu.
18Njengohlanya oluphonsa izikhuni
nemicibisholo ebulalayo,
19unjalo umuntu
okhohlisa umakhelwane wakhe, athi:
“Bengizintelela nje.”
20 Ngaphandle kwezikhuni, umlilo uyacima,
kanjalo lapho kungekho khona abahlebayo,
ingxabano iyaphela.
21 Njengamalahle othuthwini
nezinkuni emlilweni,
unjalo umuntu ophehla udweshu.
22 Amazwi ohlebayo anjengesibiliboco:
ayehlela ezibilini zomuntu.
23 Njengesiliva okucakwe ngalo isitsha sobumba,
zinjalo izindebe ezishelelayo
nenhliziyo embi.
24 Onenzondo uyazenzisa ngokukhuluma kwakhe,
ebe enenhloso embi enhliziyweni yakhe.
25 Lapho ekhuluma ngendlela emnene, ungakholwa,
ngokuba kunezinengiso eziyisikhombisa
enhliziyweni yakhe.
26 Noma inzondo yakhe isibekelwa yinkohliso,
ububi bakhe buyodaluleka ebandleni.
27 Omba umgodi uyakuphonseka kuwo,
nogingqa itshe liyakubuya ligaye yena.
28Ulimi oluhubhuza amanga luyabazonda olubalimazile;
nomlomo othophayo uyabhubhisa.