YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 21

21
USimakade Uhlenga Inkosi
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide
1Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho;
ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.
2Uyiphe obekufiswa yinhliziyo yayo,
awuyigodlelanga ebikucela ngezindebe zomlomo wayo. Sela
3Uyihlangabeze ngezibusiso ezinhle,
wayethwesa umqhele wegolide
elicwengekileyo ekhanda layo.
4Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona;
yaphila izinsuku eziningi,
kwaze kwaba ingunaphakade.
5Inkulu inkazimulo yayo ngokuyinqobisa kwakho;
uyethwese udumo nobukhosi.
6Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso
kuze kube phakade;
uyenza ithokoze,
ijabule ngobukhona bakho.
7Inkosi yethembele kuSimakade,
nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyukunyakaziswa.
8Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho;
esokunene sakho sibathole abakuzondayo.
9Ngesikhathi sentukuthelo yakho,
uyobenza bafane nesithando somlilo.
USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe,
umlilo ubashwabadele.
10Uzalo lwabo uyolubhubhisa emhlabeni,
nesizukulwane sabo, phakathi kwabantu.
11Uma bekwakhela uzungu,
beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;
12ngokuba uyobaciba ngomcibisholo wakho bebuka,
bashaye bachithe.
13Phakama ngamandla akho, Simakade.
Thina sizohlabelela, situse amandla akho.

Currently Selected:

AMahubo 21: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in