YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 5

5
Umkhuleko Wokucela Ukuvikelwa
Kumholi wokuhlabelela. NgeNehiloti. Ihubo likaDavide
1Simakade, yizwa amazwi ami,
uqaphele ukububula kwami.
2Yizwa izwi lokukhala kwami,
Nkosi yami, Nkulunkulu wami,
ngokuba ngikhuleka kuwe.
3Simakade, ekuseni
uyalizwa izwi lami;
ekuseni ngethula kuwe
isicelo sami, ngilinde.
4Ngokuba Wena unguNkulunkulu
ongabuthokozeli ububi;
ububi abunakuhlala kuwe.
5Abazigqajayo abayukuma phambi kwamehlo akho.
Uyabazonda bonke abenza okubi.
6Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga;
uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi.
7Kepha mina ngiyakungena endlini yakho,
ngenxa yobuningi bomusa wakho,
ngikhothame ngokuthobeka
ethempelini lakho elingcwele.
8Simakade, ngihole ngokulunga kwakho,
uqondise indlela yakho phambi kwami,
ngenxa yezitha zami.
9Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo;
izibilini zabo zingukonakala:
umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo;
bayathopha ngolimi lwabo.
10Balahle ngecala, Nkulunkulu.
Mabawe ngenxa yamacebo abo,
badingise ngenxa yobuningi
beziphambeko zabo,
ngokuba bayamelana nawe.
11Kepha mabajabule bonke abaphephela kuwe,
mabakhamuluke ngenjabulo phakade,
ubasibekele, bajabule kuwe
abathanda igama lakho.
12Simakade, Wena uyambusisa olungileyo;
umhaqa ngomusa njengesihlangu.

Currently Selected:

AMahubo 5: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in