YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 81

81
Ihubo Lomkhosi
Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elika-Asafa
1Halalisani kuNkulunkulu ongamandla ethu,
nimemeze ngenjabulo kuNkulunkulu kaJakobe.
2Hubani iculo,
nithathe isigubhu nohabhu;
imiqangala ekhala kahle.
3Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga
nangokugcwala kwayo,
ngosuku lomkhosi wethu.
4Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli,
nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.
5Wakwenza kwaba ngubufakazi obumileyo kwaJosefa,
mhlazana ephuma eGibhithe.
Ngezwa ulimi engingalwazi luthi:
6“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni,
nezandla zakhe zakhululeka eqomeni.
7Wakhuleka usosizini, ngakukhulula;
ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma,
ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha. Sela
8“Bantu bami, yizwani,
ngizofakaza kini
ngokuthi: Israyeli, sengathi ungangilalela!
9Makungabi bikho kuwe omunye uNkulunkulu,
ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.
10Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho
owakukhuphula eGibithe;
khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.
11“Kepha abantu bami
abalilalelanga izwi lami,
u-Israyeli wangishaya indiva.
12Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo,
bahamba ngokuthanda kwabo.
13“Kwangathi abantu bami bangangizwa,
u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.
14Izitha zabo bengizozithobisa ngokushesha,
abamelene nabo ngibashaye ngesandla sami.
15Abazonda uSimakade bayakuzithoba kuye,
ukubhujiswa kwabo kube phakade.
16Ngizonondla ngokusanhlamvu kwekhethelo,
yebo, nginisuthise ngoju oluvela edwaleni.”

Currently Selected:

AMahubo 81: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in