YouVersion Logo
Search Icon

1 kaJohane 3

3
1 kaJohane 3
1Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu;
2Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho; ngoba sizambona njengoba enjalo.
3Laye wonke umuntu onalelithemba kuye, uyazihlambulula, njengalokhu yena ehlambulukile.
4Yilowo nalowo owenza isono weqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
5Niyazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono zethu; njalo kakulasono kuye.
6Yilowo nalowo ohlala kuye akoni;
7Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba naye elungile.
8Owenza isono ungokaSathane; ngoba uSathane uyona kwasekuqaleni. Ngalokho iNdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
9Wonke ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono; ngokuba imbewu yakhe ihlezi kuye, angoni, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.
10Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.
11Ngoba yilo umlayezo enawuzwa kusukela ekuqaleni, ukuthi sithandane.
12kungabi njengoKayini owayengowomubi, wabulala umfowabo. Wambulalelani na? Ngoba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.
13Ningamangali, bazalwane bami, uma izwe linizonda.
14Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane. Lowo ongamthandiyo umzalwane wakhe uhlezi ekufeni.
15Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali, niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.
16Ngalokho silwazile uthando, ngokuba yena wasibekela phansi ukuphila kwakhe; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
17Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na?
18Bantwanyana bami, masingathandi ngezwi noma ngolimi; kodwa ngesenzo langeqiniso.
19Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso, futhi siyakuqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe.
20Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi wazi zonke.
21Bathandekayo, uma inhliziyo yethu ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu.
22futhi loba yini esiyicelayo siyakwemukela kuye, ngoba sigcina imilayo yakhe, njalo senza okuthandekayo phambi kwakhe.
23Futhi yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengalokho wasilaya.
24Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye kuye. Ngalokho siyazi ukuthi uhlala kithi ngoMoya asinike wona.

Currently Selected:

1 kaJohane 3: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for 1 kaJohane 3