YouVersion Logo
Search Icon

2 kwabaseKorinte 10

10
2 kwabaseKorinte 10
1Mina-ke Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKristu, mina engithobekile nxa ngikhona phakathi kwenu, kepha nxa ngingekho nginesibindi ngani;
2Kodwa ngiyalincenga ukuthi nxa ngikhona ngingabi lesibindi ngesibindi engicabanga ukuba lesibindi ngakho kwabanye abacabanga ngathi ngokungathi sihamba ngokwenyama.
3Ngoba lanxa sihamba enyameni, kasilwi ngokwenyama;
4(Ngokuba izikhali zempi yethu azisizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba;)
5siwisa imicabango, nakho konke okuphakemeyo oziphakamisayo okuphambene nolwazi lukaNkulunkulu, sithumba yonke imicabango ekumlaleleni uKristu;
6futhi sikulungele ukujezisa konke ukungalaleli, lapho ukulalela kwenu sekugcwalisekile.
7Izinto nizibheka ngokubonakala kwangaphandle na? Uma umuntu ezithemba ukuthi ungokaKristu, makabuye acabange lokhu ngokwakhe, ukuthi njengoba yena engokaKristu, kanjalo nathi singabakaKristu.
8Ngokuba noma ngingazibonga kakhulu ngamandla ethu, esinike wona iNkosi ukuba sinakhe, ingasi ukunibhidliza, angiyikujabha;
9Ukuze ngingabonakali sengathi ngingethuse ngezincwadi.
10Ngokuba bathi, izincwadi zakhe zinesisindo, zinamandla; kodwa ukuba khona kwakhe ngomzimba ubuthakathaka, nokukhuluma kwakhe kudelelekile.
11Onjalo makacabange lokhu, ukuthi, lokho esiyikho ngezwi ngezincwadi lapho singekho, siyakuba njalo nangesenzo lapho sikhona.
12Ngoba kasinasibindi sokuzilinganisa kumbe ukuzifanisa labanye abazincomayo;
13Kepha thina kasiyikuzibonga ngokungaphezu kwesilinganiso, kodwa ngokwesilinganiso sesimiso uNkulunkulu asibekele sona, isilinganiso sokuba sifinyelele nakini.
14Ngoba kasizeluli okwedlula isilinganiso sethu ngokungathi kasifikanga kini, ngoba sesifikile lakini ngokutshumayela ivangeli likaKristu.
15singazincomi ngaphezu kwesilinganiso sethu, okungukuthi, ngemisebenzi yabanye; kodwa sinethemba, nxa ukholo lwenu lukhula, sizakwandiswa kini ngokwesimiso sethu kakhulu;
16ukuba sishumayele ivangeli ezindaweni ezingaphesheya kwenu, singazincomi ngesigaba somunye ngezinto esezilungiselwe esandleni sethu.
17Kepha ozibongayo makazibonge eNkosini.
18Ngoba akusiye ozincomayo owamukelekayo, kodwa onconywa yiNkosi.

Currently Selected:

2 kwabaseKorinte 10: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Videos for 2 kwabaseKorinte 10